AmaHubo 18:1-3

AmaHubo 18:1-3 ZUL59

Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.