AmaHubo 17

17
Ithemba lozingelwayo engenacala
Umkhuleko kaDavide.
1 Yizwa ukulunga, Jehova,
ulalele ukukhala kwami,
ubeke indlebe emkhulekweni wami
ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
2 Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho;
amehlo akho mawabheke okulungileyo.
3 Uyalinga inhliziyo yami;
ungihambele ebusuku,
uyangihlolisisa, awufumani lutho;
ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.
4Emisebenzini yabantu ngiyazilinda,
ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.
5 Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho,
izinyawo zami azisheleli.
6Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu;
beka indlebe yakho kimi,
uzwe izwi lami.
7Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo
wena osindisa ngesandla sakho sokunene
labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.
8 Ngigcine njengenhlamvu yeso,
ungisithe ethunzini lamaphiko akho
9kubo ababi abangilimazayo,
kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
10 Bavalelwe ngamanoni abo,
bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11 Noma siyaphi, bayangizungeza;
amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12Unjengengonyama ehahela ukubamba,
njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
13Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;
sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
14 nakubantu ngesandla sakho, Jehova,
abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila,
nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho,
nabashiyela izingane zabo okusele kubo.
15 Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni,
ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 17: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo