AmaHubo 147

147
Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa
1 Haleluya!
Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;
ukudumisa kufanele.
2 UJehova uyalakha iJerusalema;
abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.
3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;
izilonda zabo uyazibopha.
4 Uyabala inani lezinkanyezi,
azibize zonke ngamagama.
5 INkosi yethu inkulu,
makhulu amandla ayo;
ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.
6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;
ababi uyabawisa phansi emhlabathini.
7Hubelani uJehova ngokubonga,
nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*
8 osibekela izulu ngamafu,
olungisela umhlaba imvula,
ohlumisa utshani ezintabeni.
9 Unika izinkomo ukudla kwazo,
namazinyane egwababa akhalayo.
10 Akathokozi ngamandla ehhashi,
akajabuleli imilenze yomuntu.
11UJehova uyathokoza ngabamesabayo,
abathemba umusa wakhe.
12Jerusalema, mbabaze uJehova;
Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.
13Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;
ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
14Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;
uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
15Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;
izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.
16 Uyanika iqhwa njengoboya;
uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
17Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;
ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?
18Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;
uyavusa umoya wakhe,
amanzi agobhoze.
19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,
izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.
20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:
izahlulelo zakhe asizazi.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 147: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo