AmaHubo 139:4-10

AmaHubo 139:4-10 ZUL59

Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 139:4-10