AmaHubo 137

137
Ngasemifuleni yaseBabele
1Ngasemifuleni yaseBabele
sahlala khona, sakhala,
lapho sikhumbula iSiyoni.
2Amahabhu* ethu sawaphanyeka
eminyezaneni ephakathi kwalo.
3Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama,
nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi:
“Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”
4Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova
kwelinye izwe na?
5Uma ngikhohlwa wena Jerusalema,
masizikhohlwe isandla sami sokunene.
6Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami,
uma ngingakukhumbuli,
uma ngingaphakamisi iJerusalema
phezu kwentokozo yami enkulu.
7 Khumbula, Jehova,
usuku lweJerusalema,
ngenxa yabantwana bakwa-Edomi
abathi: “Dilizani, dilizani,
kuze kube sesisekelweni salo.”
8 Ndodakazi yaseBabele,
wena oyakubhujiswa,
ubusisiwe oyakuphindisela kuwe
izenzo zakho owazenza kithina.
9 Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho,
abaphahlaze edwaleni.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 137: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo