AmaHubo 122

122
IJerusalema lifiselwa isibusiso
Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.
1 Ngajabula lapho bethi kimi:
“Masiye endlini kaJehova.”
2Izinyawo zethu sezimi
emasangweni akho, Jerusalema,
3 Jerusalema, wena owakhiwe
njengomuzi ohlanganisiwe ngokuqinileyo,
4 lapho imindeni ikhuphukela khona,
imindeni kaJehova,
ngokomthetho ka-Israyeli
ukuba idumise igama likaJehova.
5 Ngokuba kumisiwe khona izihlalo zokwahlulela,
izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.
6Khulekelani ukuthula kwaseJerusalema:
“Abakuthandayo bayakuphumelela kahle.
7Makube khona ukuthula phakathi kwezingange zakho,
nenhlanhla ezindlini zakho zobukhosi.”
8Ngenxa yabafowethu nabangane bethu ngizakuthi manje:
“Makube khona ukuthula kuwe.”
9Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu
ngiyakukufunela okuhle.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 122: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo