AmaHubo 121:1-3

AmaHubo 121:1-3 ZUL59

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba. Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.