AmaHubo 113

113
Ukumbonga uJehova ngokunaka kwakhe ompofu
1 Haleluya!
Dumisani nina zinceku zikaJehova,
nidumise igama likaJehova.
2 Malibongwe igama likaJehova
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.
3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze
kube sekushoneni kwalo
igama likaJehova malidunyiswe.
4UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke,
inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.
5 Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu,
ohlezi phezulu,
6ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na?
7 Uyavusa odingayo othulini,
aphakamise ompofu ezaleni,
8ukuze amhlalise nezikhulu,
yebo, izikhulu zabantu bakhe.
9 Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi,
ibe ngunina othokozayo wabantwana.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 113: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo