AmaHubo 103:7-12

AmaHubo 103:7-12 ZUL59

Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 103:7-12