AmaHubo 101

101
Indlela engenacala yababusi
ElikaDavide. Ihubo.
1Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela,
ngikudumise wena Jehova.
2Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala.
Uyakuza nini kimi na?
Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi;
ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda;
akuyikunamathela kimi.
4Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi;
omubi angiyikumazi.
5 Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda;
onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
6 Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba
ukuba bahlale nami;
ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
7Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami;
okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
8 Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba,
ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 101: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo