Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa. Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla, lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba, khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke, ngijabula ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yami ikanye namadodana abantu.
Funda IzAga 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 8:27-31
12 Days
In this study, we will guide you through a relationship journey that covers the 12 essential ways to have a Love That Lasts.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo