IzAga 28:1-14

IzAga 28:1-14 ZUL59

Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama. Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma. Umuntu oswelayo ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla. Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo. Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe. Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo, kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise. Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu. Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso. Odukisela abaqotho endleleni embi uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle. Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso, kepha ompofu oqondileyo uyakusifica. Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa. Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

Funda IzAga 28