Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama. Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma. Umuntu oswelayo ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla. Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo. Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe. Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo, kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise. Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu. Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso. Odukisela abaqotho endleleni embi uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle. Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso, kepha ompofu oqondileyo uyakusifica. Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa. Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
Funda IzAga 28
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 28:1-14
1 Week
Learn what the Bible says about boldness and confidence. The "Courage" Reading Plan encourages believers with reminders of who they are in Christ and in God's kingdom. When we belong to God, we're free to approach Him directly. Read again – or maybe for the first time – assurances that your place in God's family is secure.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo