UNumeri 33

33
Izindawo zokumisa ekuhambeni kuka-Israyeli, kusukela eGibithe kuze kufike eKhanani
1Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni. 2UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.
3 Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe, 4 abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.
5Abantwana bakwa-Israyeli basuka-ke eRamesesi, bamisa eSukoti.
6 Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane.
7 Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli.
8 Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.
9 Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.
10Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu.
11 Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini.
12Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika.
13Basuka eDofika, bamisa e-Alushi.
14 Basuka e-Alushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze.
15 Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi.
16 Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti Hathawa.
17 Basuka eKibiroti Hathawa, bamisa eHaseroti.
18Basuka eHaseroti, bamisa eRitima.
19Basuka eRitima, bamisa eRimoni Pheresi.
20Basuka eRimoni Pheresi, bamisa eLibina.
21Basuka eLibina, bamisa eRisa.
22Basuka eRisa, bamisa eKehelatha.
23Basuka eKehelatha, bamisa entabeni yaseSheferi.
24Basuka entabeni yaseSheferi, bamisa eHarada.
25Basuka eHarada, bamisa eMakeloti.
26Basuka eMakeloti, bamisa eTahati.
27Basuka eTahati, bamisa eThera.
28Basuka eThera, bamisa eMitika.
29Basuka eMitika, bamisa eHashimona.
30Basuka eHashimona, bamisa eMoseroti.
31Basuka eMoseroti, bamisa eBene Jahakani.
32Basuka eBene Jahakani, bamisa eHori Hagidigadi.
33Basuka eHori Hagidigadi, bamisa eJothabata.
34Basuka eJothabata, bamisa e-Abrona.
35Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi.
36 Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.
37 Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi. 38 U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga. 39U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.
40 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.
41 Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.
42Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.
43Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.
44 Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.
45Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboni Gadi.
46Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.
47Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.
48 Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
49 Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.
50UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi: 51“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani, 52 niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo, 53nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle. 54 Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.
55 “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo. 56Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UNumeri 33: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo