UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli. Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni, ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini. UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi: “UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano, ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.” UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo. Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele. Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.” UMose wenza-ke njengalokho uJehova emyalile; wamthatha uJoshuwa, wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke, wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.
Funda UNumeri 27
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNumeri 27:12-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo