U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.
U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma. U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: “Amen, Amen,” bephakamisa izandla zabo; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.
NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo. Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.