Ngase ngiya endlini kaShemaya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.” Ngathi: “Umuntu onjengami abaleke na? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni.” Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati. Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze. Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.”
Funda UNehemiya 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 6:10-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo