Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni, oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi. Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?” Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo. USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo. Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi. Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.” Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.” Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.”
Funda UNehemiya 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 6:1-9
7 Days
The disciplines you develop today determine the stories you tell tomorrow. So, how do you feel about the story you’re telling? In this 7-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s Greater Reward message series, we’ll discover what discipline is, why it matters, and how to incorporate it in our physical, mental, and spiritual lives.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo