UNehemiya 12

12
Abapristi namaLevi abafika noZerubabele
1 Nampa abapristi namaLevi abakhuphuka noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: oSeraya, noJeremiya, no-Ezra, 2no-Amariya, noMaluki, noHathushi, 3noShekaniya, noRehumi, noMeremoti, 4no-Ido, noGinethoyi, no-Abiya, 5noMijamini, noMahadiya, noBiliga, 6noShemaya, noJoyaribi, noJedaya, 7noSalu, no-Amoki, noHilikiya, noJedaya. Labo babe yizinhloko zabapristi nezabafowabo emihleni kaJeshuwa.
8 AmaLevi: ngoJeshuwa, noBinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya owayephethe ukubonga, yena nabafowabo, 9 noBakibukiya no-Uno abafowabo, bemalungana nabo ngezigaba.
10UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibi; u-Eliyashibi wazala uJoyada; 11uJoyada wazala uJonathani; uJonathani wazala uJaduwa.
12Emihleni kaJoyakimi izinhloko zawoyise babapristi zaziyilezi: ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya; 13eka-Ezra: nguMeshulamu; eka-Amariya: nguJehohanani; 14ekaMaluki: nguJonathani; ekaShebaniya: nguJosefa; 15ekaHarimi: ngu-Adina; ekaMerayoti: nguHelekayi; 16 eka-Ido: nguZakariya; ekaGinethoni: nguMeshulamu; 17eka-Abiya: nguZikiri; ekaMiniyamini, ekaMohadiya: nguPhilitayi; 18ekaBiliga: nguShamuwa; ekaShemaya: nguJehonathani; 19ekaJoyaribi: nguMathenayi; ekaJedaya: ngu-Uzi; 20ekaSalayi: nguKhalayi; eka-Amoki: ngu-Ebere; 21ekaHilikiya: nguHashabiya; ekaJedaya: nguNethaneli. 22AmaLevi abhalwa emihleni ka-Eliyashibi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa njengezinhloko zawoyise kanye nabapristi ekubuseni kukaDariyu umPheresiya. 23Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka-Eliyashibi. 24 Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba. 25OMathaniya, noBakibukiya, no-Obadiya, noMeshulamu, noThalimoni, no-Akubi babe ngabalindisango, belinda izindlu zokubekelela ngasemasangweni. 26Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.
27Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.* 28Abantwana babahlabeleli babuthana bevela ethafeni elalizungeza iJerusalema nasemizaneni yamaLevi, 29naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema. 30Abapristi namaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, namasango, nogange.
31Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba; 32emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda, 33no-Azariya, no-Ezra, noMeshulamu, 34noJuda, noBenjamini, noShemaya, noJeremiya, 35kanye namadodana athile abapristi ephethe amacilongo: uZakariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakuri, ka-Asafa, 36nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo. 37NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi.
38Esinye isigaba saya ngakwesokhohlo, mina ngasilandela kanye nenxenye yabantu ogangeni, ngasenhla koMbhoshongo Wezithando, kwaze kwaba soGangeni Olubanzi, 39nangenhla kweSango lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, naseSangweni Lezinhlanzi, naseMbhoshongweni KaHananeli naseMbhoshongweni KaHameya, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Letilongo.
40Zase zima lezo zigaba zombili zababongayo endlini kaNkulunkulu kanye nami, nenxenye yababusi inami, 41nabapristi o-Eliyakimi, noMahaseya, noMiniyamini, noMikhaya, no-Eliyohenayi, noZakariya, noHananiya, bephethe amacilongo, 42noMahaseya, noShemaya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJehohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela ngokuzwakalisayo, benoJizirahiya umbonisi wabo. 43Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.
Ukubuyiselwa kokweshumi
44 Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe. 45Bagcina imfanelo kaNkulunkulu wabo nemfanelo yokuhlambulula kanye nabahlabeleli nabalindisango njengemiyalo kaDavide noSolomoni indodana yakhe. 46Ngokuba nasemihleni kaDavide neka-Asafa kwasendulo kwakukhona abaholi babahlabeleli kanye nezihlabelelo zokudumisa nezokubonga uNkulunkulu. 47 Wonke u-Israyeli wayesenika emihleni kaZerubabele nasemihleni kaNehemiya abahlabeleli nabalindisango izabelo njengokufunekayo imihla ngemihla; bakungcwelisela amaLevi, namaLevi akungcwelisela amadodana ka-Aroni.

Okuqokiwe okwamanje:

UNehemiya 12: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo