UNahume 2

2
Ukuchithwa kweNineve
1 Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba,
ulinde indlela,
uqinise izinkalo zakho,
uwenze amandla akho ukuba aqine.
2 Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe
njengokuphakama kuka-Israyeli,
lokhu abathululayo bebathululile,
bachitha amagatsha emivini yabo.
3Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu,
amadoda anamandla embethe okubomvu;
izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe;
imikhonto iyaveva.
4Izinqola ziyahlanya ezitaladini,
ziyaficana ezigcawini;
ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,
zigijima njengemibani.
5Useyakhumbula izikhulu zakhe,
ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;
zisheshela izingange zakhona,
izivikelo ziyalungiswa.
6Amasango emifula ayavulwa,
indlu yamakhosi iyancibilika.
7Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;
izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,
zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.
8Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,
nokho bayabaleka.
“Yimani, yimani!”
Kepha akakho ophendukayo.
9Phangani isiliva!
Phangani igolide!
Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo
nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.
10 Liyize, alisenalutho, lichithekile;
inhliziyo iyancibilika,
amadolo ayashayana,
imihelo isezinkalweni zonke,
nobuso babo bonke buphaphathekile.
11 Uphi umphandu wezingonyama,
nedlelo lamabhongo ezingonyama,
lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,
kungekho okwesabisayo na?
12Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,
yabindela izingonyamakazi zayo;
yagcwalisa imiphandu yayo ngempango
nemigede yayo ngengcugco.
13“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;
“ngiyakushisa izinqola zakho emsini,
inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;
ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,
nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

Okuqokiwe okwamanje:

UNahume 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo