NgokukaMarku 9:9-13

NgokukaMarku 9:9-13 ZUL59

Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo. Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?” Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.”