NgokukaMarku 9:20-24

NgokukaMarku 9:20-24 ZUL59

Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na? Wathi: “Kwasebuntwaneni. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 9:20-24