Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.” Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa. UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ishumi nambili.” “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?” Bathi: “Isikhombisa.” Wathi kubo: “Anikaqondi na?”
Funda NgokukaMarku 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 8:14-21
5 Izinsuku
UNkulunkulu uluthando. Ngakho-ke, umyalo wakhe omkhulu kithi kwakuwukuMthanda ngeziqu zethu zonke. Umyalo wakhe olandelayo wawuwukuthanda abanye. Nokho, ngezinye izikhathi singahlukaniswa phakathi kwezimo ezimbili ezeqisayo: ukuba semthethweni nokungabi namthetho. Futhi alubonisi uthando lukaNkulunkulu. Kubalulekile ukulalela isikhuthazo sikaJesu kubafundi bakhe sokuba baqaphele kokubili ukweqisa. Kunalokho, masihlale sigxile emsebenzini wethu owumgogodla - ukuphishekela uNkulunkulu wothando!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo