Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?” Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
Funda NgokukaMarku 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 8:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo