Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?” Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.” Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu. Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu. Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.
Funda NgokukaMarku 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 5:35-43
5 Days
In times of uncertainty, it can be easy to feel overwhelmed. The news, social media, and the people around us can make us feel anxious or worried when impacting events happen. In times when it doesn’t seem like we have any control over things, we can find a place of comfort and peace in God’s Word.
7 Days
Do you ever feel like you’re doing all the right things with all the wrong outcomes? Maybe you’re trying to connect with God, but you feel farther from Him than ever. If you’re on the brink of burnout, this 7-day Bible Plan, accompanying Pastor Craig Groeschel’s message series, is for you. It’s time to stop working for Jesus and start walking in the way of Jesus.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo