Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
Funda NgokukaMarku 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 5:24-34
5 Days
In times of uncertainty, it can be easy to feel overwhelmed. The news, social media, and the people around us can make us feel anxious or worried when impacting events happen. In times when it doesn’t seem like we have any control over things, we can find a place of comfort and peace in God’s Word.
7 Days
Do you ever feel like you’re doing all the right things with all the wrong outcomes? Maybe you’re trying to connect with God, but you feel farther from Him than ever. If you’re on the brink of burnout, this 7-day Bible Plan, accompanying Pastor Craig Groeschel’s message series, is for you. It’s time to stop working for Jesus and start walking in the way of Jesus.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo