NgokukaMarku 2:23-28

NgokukaMarku 2:23-28 ZUL59

Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?” Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?” Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”

Ividiyo ye- NgokukaMarku 2:23-28