Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa. Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.” Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.
Funda NgokukaMarku 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 16:11-20
7 days
There is a dynamic, dead-raising power on the inside of you. Evangelist Reinhard Bonnke has penned some strong teachings on the Holy Spirit for you and has written dynamic Points of Power on the Holy Spirit. This 7 Day Study will challenge your thinking on the Holy Spirit and inspire you to believe in the amazing power of the Spirit within you.
8 Days
It’s hard to imagine what Jesus was thinking and feeling in the days leading to cross, but one thing we do know—his trust and assurance in the goodness and faithful love of God. Take a journey this Holy Week through the gospels, walk with Jesus, ask God a simple question, and encounter the vast love of God.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo