Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda. Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga. Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.” Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; zisindise, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena. UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza. Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.” Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.” UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.
Funda NgokukaMarku 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 15:22-37
6 Days
We all have a common denominator. We will die. I will die. You will die. Death will defeat you. You won’t be able to dodge it, sidestep it, trick it or make it disappear. But then there is Jesus, the man who defeated the grave. Jesus stood toe to toe with the grave and defeated death. When Jesus talks, the grave speaks.
Once, a man predicted His own death. He also predicted He’d only be dead for three days. And He was right! Jesus’ death and return to life are the amazing truths of the Easter story. Christians still celebrate the day. But what does it all mean for you? This Bible Plan will help you understand the mysteries and the beauty of Easter!
10 Days
Let’s slow down this Holy Week and learn from Christ’s final days on earth. Each day we will receive lessons or gifts that He took the time to give. Do you need a fresh reminder of what mattered most to Christ—that you love His people and follow Him? What could He want to teach you this Holy Week?
Travel a different road that leads to Easter this year. Start your journey with global missionaries in the Middle East and navigate the sights and sounds that will help you experience Easter from a whole new perspective. Experience anew why Jesus came to this earth--to save the souls of mankind.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo