Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”
Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,
zikuthwale ngezandla,
ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
“Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali
ngaselwandle ngaphesheya kweJordani,
iGalile labezizwe,
isizwe esasihlezi ebumnyameni
sibonile ukukhanya okukhulu,
nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa
kuphumele kubo ukukhanya.”
Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa. Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.