Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.” Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.
Funda NgokukaMathewu 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 16:5-12
7 Days
What if we don’t have to wait until we’re at our breaking point to address what’s broken in our lives? Just as we invest in cleaning our homes, it’s time to invite the Holy Spirit to deep clean our hearts. In this 7-day Bible Plan, we’ll discover how to let go of the emotional baggage that holds us back and weighs us down.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo