UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.” Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?” Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.
Funda NgokukaMathewu 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 15:32-37
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo