NgokukaMathewu 10:34-39

NgokukaMathewu 10:34-39 ZUL59

“Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba. Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala. Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele; nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele. Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 10:34-39