Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona.
Funda NgokukaLuka 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 9:1-9
10 Days
As a pastor, you spend a lot of time leading and encouraging others. The Bible has encouragement for you, too. This 10-day reading plan walks you through 10 practical ways to strengthen the health of your church by learning to rely fully on God. With short but powerful verses and a focused thought for each day, Growing a Healthy Church is a great boost for your daily prayer time.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo