“Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.” Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane. Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye. “Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na? Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi: “ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ “Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’ Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.”
Funda NgokukaLuka 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 7:28-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo