Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo. Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ” Bawakhumbula-ke amazwi akhe.
Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho. Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.
Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele. Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?”
Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”
Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”
Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.
Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.
Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”
Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye, bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.” Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.