NgokukaLuka 23:13-24

NgokukaLuka 23:13-24 ZUL59

UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu, wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo; kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Ubemelwe phela ukubakhululela abe munye ngomkhosi. Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBaraba,” yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wabuye wakhuluma kubo efuna ukumkhulula uJesu; kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba. Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo.