Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo. Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.” Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.” Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.” Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.” Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, bathi: “Uma unguKristu, sitshele.” Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; noma ngibuza, anisoze naphendula. Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.” Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?” Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.” Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:54-71
3 Days
When darkness surrounds you, how should you respond? For the next 3 days, immerse yourself in the Easter story and discover how to hold onto hope when you feel forsaken, alone, or unworthy.
10 Days
Peter was just a fisherman from backwater Galilee, but he was pursued by Jesus and became the rock upon which the church was built. He witnessed the pivotal moment of the cross and empty tomb. Join author Daniel Darling on this 10-day plan to discover the life of Simon Peter, an unlikely character caught up in the story of Jesus.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo