Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.” Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa. Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:39-53
8 Days
It’s hard to imagine what Jesus was thinking and feeling in the days leading to cross, but one thing we do know—his trust and assurance in the goodness and faithful love of God. Take a journey this Holy Week through the gospels, walk with Jesus, ask God a simple question, and encounter the vast love of God.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo