Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana, nowesibili; nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana. Ukugcina wafa nomfazi. Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.” UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa. Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa; ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka. Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.” Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho. Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ “Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?” Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe: “Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni, abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”
Funda NgokukaLuka 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 20:27-47
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo