Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika. Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?” Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.
Funda NgokukaLuka 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 2:39-52
5 Days
It’s the most wonderful time of the year, but we often find ourselves hustling through the holidays. This Christmas, what if we reclaimed wonder? In this 5-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s series, The Gift, we’ll discover how the three gifts the wise men gave Jesus can lead us to a place of wonder and worship today.
7 Days
Mary was a mom, like many women. What can we learn from the heart of the woman chosen to bear the Messiah? Read along as Robin Meadows, author and relationship coach, shares from her experiences of launching seven children and living to tell about it.
25 Days
Start a new Christmas tradition with a non-traditional twist on the season of Advent. An ideal start date for this adventure is December 1st, while an earlier start allows a more relaxed pace. Includes reflection questions and action steps to center each day on Christ. Great for individuals, families, or small groups.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo