NgokukaLuka 15:13-16

NgokukaLuka 15:13-16 ZUL59

“Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala. Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela. Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.