NgokukaLuka 1:46-55

NgokukaLuka 1:46-55 ZUL59

Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.”

Ama vidiyo ahlobene nalokhu