Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.” UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.”
Funda NgokukaLuka 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 1:11-20
5 Days
Slow down and savor time with the Savior this season. Choose to pause and ponder as Mary did, to get lost in the wonder of Immanuel, of God with us. This year, let it be simply Christmas.
We’re filled with anticipation as we lean into this season of celebration with the intention of tuning into the heart of God. Join us for 4 weeks as we: Behold Beauty; Break Barriers; Make Room; and are Surprised by God. Like all the best stuff in life, this journey is best taken with others—so grab a friend or two and your sense of wonder and roll into Advent Season.
7 Days
Christmas is supposed to be a season of joy –– but what exactly is joy and how do you choose it when the world is filled with hurt and hardship? Discover what “joy to the world” really means by immersing yourself in the Christmas story with this special, 7-day Christmas Plan.
19 Days
This three week plan walks us through the timeless wonder of how God came to us through His son, Jesus. The plan is designed to begin on a Monday so that each weekend will include shorter content meant for rest and reflection during the holiday season. Join us as we study what the birth of Christ means for our future, present, and past.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo