UJoshuwa 18:1-3

UJoshuwa 18:1-3 ZUL59

Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo. Kwasala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli izizwe eziyisikhombisa ezingakabelwa ifa lazo. UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?