UJoshuwa 15

15
Imikhawulo nemizi yesizwe sakwaJuda
1 Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwa-Edomi nasehlane laseSini ngaseningizimu, ngasekupheleni kweningizimu.
2Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu, 3waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka; 4wadlula waya e-Asimoni, waya emfuleni waseGibithe; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.
5Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani; 6 umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni; 7umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli; 8wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho; 9umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi; 10umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho, eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna; 11umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.
12Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.
13 Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni. 14 UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki. 15Wasuka lapho, wenyukela kwabakhileyo eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala. 16UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.” 17 U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe. 18Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: “Ukhala ngani?”
19Wathi: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu, ngiphe nemithombo yamanzi.” Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
20Leli liyifa lesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo.
21Imizi esekupheleni kwesizwe sabantwana bakwaJuda ngasemkhawulweni wakwa-Edomi ngaseningizimu yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri, 22neKina, neDimona, ne-Adada, 23neKedeshi, neHasori, ne-Itinani, 24neZifi, neTeleme, neBehaloti, 25neHasori Hadatha, neKeriyote Hesironi eliyiHasori, 26ne-Amamu, neShema, neMolada, 27neHasari Gada, neHeshimoni, neBeti Pheleti, 28neHasari Shuwali, neBeri Sheba, neBiziyotiya, 29neBahala, ne-Ijimi, ne-Eseme, 30ne-Elitoladi, neKesili, neHorma, 31neSikilagi, neMadimana, neSanisana, 32neLebawoti, neShilehimi, ne-Ayini, neRimoni, yonke imizi ingamashumi amabili nesishiyagalolunye nemizana yayo.
33Emathafeni: i-Eshitawoli, neSora, ne-Ashina, 34neZanowa, ne-Eni Ganimi, neTaphuwa, ne-Enamu, 35neJarimuthi, ne-Adulamu, neSoko, ne-Azeka, 36neShaharayimi, ne-Aditayimi, neGedera, neGederotayimi, imizi iyishumi nane nemizana yayo.
37ISenani, neHadasha, neMigidali Gadi, 38neDilani, neMispa, neJokiteyeli, 39neLakishi, neBosikati, ne-Egiloni, 40neKaboni, neLahimamu, neKitilishi, 41neGederoti, neBeti Dagoni, neNahama, neMakheda, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
42ILibina, ne-Etere, ne-Ashani, 43neJifita, ne-Ashina, neNesibe, 44neKeyila, ne-Akizibi, neMaresha, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
45I-Ekroni nemizi yalo nemizana yalo; 46kusukela e-Ekroni kuze kufike elwandle, yonke eyayiseceleni kwe-Ashidodi nemizana yayo.
47I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yalo; iGaza nemizi yalo nemizana yalo, kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.
48Ezintabeni: iShamiri, neJatiri, neSoko, 49neDana, neKiriyati Sana eliyiDebiri, 50ne-Anabi, ne-Eshitemo, ne-Animi, 51neGosheni, neHoloni, neGilo, imizi iyishumi nanye nemizana yayo.
52I-Araba, neDuma, ne-Eshani, 53neJanimi, neBeti Taphuwa, ne-Afeka, 54neHumitha, neKiriyati Araba eliyiHebroni, neSiyori, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
55IMahoni, neKarmeli, neZifi, neJutha, 56neJizreyeli, neJokideyamu, neZanowa, 57neKayini, neGibeya, neThimna, imizi iyishumi nemizana yayo.
58IHalihuli, neBeti Suri, neGedori, 59neMaharati, neBeti Anoti, ne-Elitekoni, imizi iyisithupha nemizana yayo.
60IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka, 62neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63 AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 15: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo