UJona 2

2
Umkhuleko kaJona
1 UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, 2wathi:
“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,
wangiphendula;
ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza,
wezwa izwi lami.
3 Wangiphonsa ekujuleni,
enhliziyweni yolwandle,
umfula wangihaqa;
onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
4 Ngathi mina:
‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’
nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.
5 Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami,
utwa lwangikaka.
Umhlanga wathandela ekhanda lami.
6 Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba;
imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade.
Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini,
Jehova Nkulunkulu wami.
7 “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,
ngamkhumbula uJehova;
umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.
8“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.
9 Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,
ngigcwalise engikuthembisileyo.
Ukusindiswa kukuye uJehova.”
10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

UJona 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo