UJobe 26

26
UJobe uphendula inkulumo yesithathu kaBilidadi: uyabazi naye ubukhulu bukaNkulunkulu njengoBilidadi
1Wayesephendula uJobe, wathi:
2“Usizile kanjani ongenamandla!
Usindisile kanjani ingalo engenamandla?
3Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha!
Umemezile kangakanani ukuqonda!
4Utshelwe ngubani lawo mazwi,
nomoya kabani waphuma kuwe, na?
5“Izithunzi ziyathuthumela
phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.
6 Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe,
nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho;
uphanyeka umhlaba phezu kweze.
8Ubopha amanzi emafwini akhe;
ifu alidabuki phansi kwawo.
9Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi;
uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
10Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi,
kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
11Izinsika zezulu ziyathuthumela;
ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi;
ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.
13 Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula;
isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.
14Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe,
izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye;
indumo yamandla akhe,
ngubani obeyakuyiqonda na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 26: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo