NgokukaJohane 6:18-21

NgokukaJohane 6:18-21 ZUL59

Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.