Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?” Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.” UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku.
Funda NgokukaJohane 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 5:1-9
5 days
Have you ever felt stuck in a cycle of unresolved pain, playing offenses over and over in your mind? You know you can't go on like this, but when your heart has been shattered, forgiveness seems like an impossible request. Lysa TerKeurst deeply understands and invites you to join her for this 5-day reading plan from her new book Forgiving What You Can’t Forget and to discover God’s healing gift.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo