Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.” Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.” Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?” UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe. Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa. Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’ Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.” AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.” Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe. Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.” Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile. Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo. Kuthe-ke ukuba afike eGalile, abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini. UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa. Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.” Induna yenkosi yathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.” Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba. Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile. Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono; khona zathi kuye: “Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.” Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke. Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.
Funda NgokukaJohane 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 4:31-54
5 Days
The grace of God is a never ending supply of His favor, love, and kindness to us. Even though we’ve done nothing to deserve it, it’s available to the entire world through Jesus. No matter how good or bad our choices may be, we’re all in need of God’s grace. In this Plan, we’ll learn more about how to live grace-filled lives.
We often hope in the world around us—for a promotion, a better relationship, a stronger family, and recovery of the sick. But trusting only in earthly outcomes will fail us. The Bible says we will experience loss and disappointment on earth, but we are held in God’s eternal love. On this plan, you will learn about God’s care for you and see how spiritual hope can bring strength amid life’s storms.
7 Days
New Year. A New Day. God created these transitions to remind us that He is the God of New Beginnings. If God can speak the world into existence, He can certainly speak into the darkness of your life, creating for you a new beginning. Don’t you just love fresh starts! Just like this reading plan. Enjoy!
12 Days
Welcome to the Hymn of Heaven devotional series. Each daily reading coincides with a different song from my album, Hymn of Heaven. These songs were written to inspire worship in listeners' hearts, and I pray this series does the same as you read along. Huge thanks to my friend and pastor, Benji Horning, for helping me bring these thoughts to life. We pray you are blessed!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo